KumaHeberu 10:6 - IsiZulu 2020 Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo ngenxa yesono awuyithokozelanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo ngenxa yesono awuyithokozelanga. Baasraak Zulu New Testament Bible Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo yesono kawuyijabulelanga. Contemporary Zulu Bible 2024 Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo yesono kawuyijabulelanga. |
Awuwuthandi umhlatshelo nomnikelo wokudla. Izindlebe zami uzigeqile. Umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.
“Sengathi bekungakhona omunye wenu ongavala izicabha, ukuze ningalibaseli ize e-althare lami! Angithokozi ngani, angiyukuwemukela umnikelo ezandleni zenu,” kusho uSimakade Wamabandla.
Kwase kuzwakala izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.”
nihambe othandweni, njengoba uKhristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, ukuba abe ngumnikelo; umhlatshelo, nephunga elimnandi kuNkulunkulu.
Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.
USamuweli wathi: “USimakade uyayenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaSimakade na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.