“ ‘Uma kone yonke inhlangano yakwa-Israyeli ingahlosile, leyo nto ifihleke emehlweni ebandla, yenza noma ikuphi okunye okusemthethweni kaSimakade ayale ukuba kungenziwa, yaze yazenzela icala;
KumaHeberu 10:26 - IsiZulu 2020 Ngokuba uma sona ngamabomu, emva kokuba sesilwemukele ulwazi olupheleleyo lweqiniso, akusekho mhlatshelo ongenziwa ngenxa yezono, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, awusekho umhlatshelo wezono; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, awusekho umhlatshelo wezono; |
“ ‘Uma kone yonke inhlangano yakwa-Israyeli ingahlosile, leyo nto ifihleke emehlweni ebandla, yenza noma ikuphi okunye okusemthethweni kaSimakade ayale ukuba kungenziwa, yaze yazenzela icala;
“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephule imiyalo kaSimakade ngezinto okungafanele zenziwe, yena aphikelele azenze,
“Inceku eyaziyo ukuthi inkosi ifunani, kodwa ingazilungiseleli ukwenza lokho okufunwa yinkosi, iyakushaywa imivimbo eminingi.
UJesu wathi kubo: “Uma beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha lokhu nithi: ‘Siyabona;’ isono senu sikinina.”
Umuntu oziqhenyayo, ongafuni ukulalela umphristi omiyo okhonza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, noma umehluleli, lowo muntu umelwe ngukufa; wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.
nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengakuvumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.
nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa.
Uma umuntu ebona umzalwane wakhe enza isono okungeyiso esibhubhisayo, lo ombonileyo makamcelele kuNkulunkulu ukuphila lokhu akunika labo abasuke benze isono okungesona esibhubhisayo.
Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumehlulela, kodwa uma umuntu ona kuSimakade, ngubani oyakumnxusela na?” Kepha awalalelanga izwi likayise ngokuba uSimakade wayefuna ukuwabulala.