Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, uzidedise kangako iziphambeko zethu.
KumaHeberu 10:2 - IsiZulu 2020 Uma-ke kwakungenjalo, ngabe ayiyekwanga yini ukunikelwa, ngoba abakhonzayo sebehlanjululiwe kwaba kanye, bengasayukuba nakho ukukhumbula isono na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE uma kwakungenjalo, nga ingayekwanga ukunikelwa na? lokhu phela abakhonzayo sebehlanjululwe kanye babengasayikuba novalo ngezono. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba ngabe ngabe ingayekwanga yini ukunikelwa na? ngoba abakhonzayo sebehlanjululwe kwaba kanye, kabasenasazela sezono. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngabe ngabe ingayekwanga yini ukunikelwa na? ngoba abakhonzayo sebehlanjululwe kwaba kanye, kabasenasazela sezono. |
Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, uzidedise kangako iziphambeko zethu.
“Mina, Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyukuzikhumbula izono zakho.
Iziphambeko zakho ngizesule njengefu, nezono zakho njengomlaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”
Uyakubuye asihawukele, anyathele iziphambeko zethu, aphonse zonke izono zethu ekujuleni kolwandle.
Kodwa wena-ke, ngenxa yegazi lesivumelwano sami nawe, ngiyakubakhulula abakini ababoshiweyo emgodini ongenamanzi.
Ngokuba lokhu kuyabongeka uma umuntu, ngenxa kanembeza, ngokuyintando kaNkulunkulu, ethwala izinsizi noma ehlushwa ngokungafanele.