“Manje senginethula kuNkulunkulu nasezwini lomusa wakhe, Yena unamandla okwakha nokwabela ifa kubo bonke abangcwelisiweyo.
KumaHeberu 10:14 - IsiZulu 2020 Ngokuba ngamnikelo munye nje, ubaphelelise unomphelo labo abangcwelisiweyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba ngomnikelo munye ubenze baphelela kuze kube phakade abangcwelisiweyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngomnikelo munye ubenze baphelela kuze kube phakade abangcwelisiweyo. |
“Manje senginethula kuNkulunkulu nasezwini lomusa wakhe, Yena unamandla okwakha nokwabela ifa kubo bonke abangcwelisiweyo.
emini bebade, nkosi, ngisendleleni, ngabona ukukhanya okuvela ezulwini, okwedlula ngisho ukukhazimula kwelanga, kwangikhanyisa nxazonke kanye nababehamba nami.
ukuze ngibe yisikhonzi sikaKhristu uJesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu emsebenzini ongcwele, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukelekayo, sebengcweliswe nguMoya oNgcwele.
ngibhalela ibandla likaNkulunkulu eliseKhorinte, kwabangcwelisiwe kuKhristu uJesu, ababiziweyo ukuba babe ngcwele. Ngibhalela nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ezindaweni zonke abakuzo:
Njengalokhu umthetho uyisithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ngeke waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo.
Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Khristu, kwaba kanye kuphela.
Kodwa Yena, esenikele ngomhlatshelo kwaba kanye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu,
Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.
Ngokuba ongcwelisayo nalabo abangcweliswayo bonke bavela koyedwa. Yingakho engenamahloni okubabiza ngokuthi ngabafowethu,
lokhu akukho okupheleliswe ngomthetho, yingakho-ke sesinikwe ithemba elingcono, okungalo sisondela kuNkulunkulu.
Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.
Kepha iqondene nokudla, ukuphuza, nokugeza okunhlobonhlobo okuyizimiso zabantu, kuze kulethwe isikhathi senqubo entsha.
kakhulu kangakanani igazi likaKhristu, okwathi ngoMoya ophakade wazinikela kuNkulunkulu engenasici, lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.
UJuda, inceku kaJesu Khristu nomfowabo kaJakobe, kubo bonke ababiziweyo nabathandiweyo bakaNkulunkulu uYise, nabagciniwe kuJesu Khristu.