KuFilemoni 1:2 - IsiZulu 2020 naku-Afiya udadewethu no-Arkhiphu obutho linye nathi, nasebandleni elibuthanela emzini wakho: IBHAYIBHELI ELINGCWELE naku-Apifiya udadewethu, naku-Arkiphu, ibutho kanye nathi, nakulo ibandla elisendlini yakho: Baasraak Zulu New Testament Bible naku-Apifiya othandekayo, naku-Arkiphu ibutho kanye nathi, nasebandleni elisendlini yakho; Contemporary Zulu Bible 2024 naku-Apifiya othandekayo, naku-Arkiphu ibutho kanye nathi, nasebandleni elisendlini yakho; |
Khonzani nasebandleni elisendlini yabo naku-Efenethu, othandekayo kimi, owulibo lwabase-Asiya kuKhristu.
Ayakhonza kini amabandla ase-Asiya. U-Akhwila, uPhriska kanye nebandla elisendlini yabo, bayakhonza kakhulu kini eNkosini.
Kepha ngibone kudingekile ukuba ngithumele u-Ephafrodithu, umzalwane, isisebenzi nebutho kanye nami, isithunywa senu, nesikhonzi ekwesweleni kwami.
Khonzani kubazalwane baseLawodikheya, nakuNimfa, nebandla elihlanganela endlini yakhe.
Nitshele u-Arkhiphu, nithi: “Qaphela ukuba uwufeze umsebenzi owawemukelayo eNkosini.”