Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza.
KuFilemoni 1:14 - IsiZulu 2020 Kepha angithandanga ukwenza utho ngaphandle kwemvume yakho, ukuze okuhle okwenzayo kungabi ngokuphoqwa, kodwa kube ngokuthanda kwakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza lutho, ukuze umusa wakho ungabi ngokucindezelwa, kodwa ube ngesihle. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa ngaphandle kwakho kangiyikwenza lutho; ukuze inzuzo yakho ingabi njengengokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa ngaphandle kwakho kangiyikwenza lutho; ukuze inzuzo yakho ingabi njengengokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela. |
Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza.
Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.
Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuthanda kwami, nginomvuzo, kodwa uma kungesikho ukuthanda kwami, khona kungumsebenzi engiwuphathisiweyo.
Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angadli isithelo saso na? Ngubani owalusa umhlambi, angaludli ubisi lomhlambi na?
kungesikho ukuthi sinethwesa imithwalo ngenxa yokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi ezibambisene nani ekujabuleni kwenu, ngokuba nimile ekukholweni.
Uma kukhona ukulangazela, nesipho siyemukeleka njengalokhu umuntu ethanda, kungayi ngalokho angenakho.
Ngakho ngikubona kudingeka ukuba ngibagqugquzele abazalwane ukuba bahambe beze kini kuqala, ukuze balungisele kuqala lesi sipho nesibusisekile kangaka esethenjiswa sona phambilini, ukuze sihlale silungisiwe, sibe yisibusiso, singabi njengesokuncishana.
Ngakho-ke yilowo nalowo makanikele njengalokhu enqumile enhliziyweni, kungabi ngokudabuka noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza.