Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.
Johane 8:53 - IsiZulu 2020 Ngabe wena umkhulu yini kunobaba u-Abhrahama owafa na? Nabaphrofethi bafa. Pho wena uzenza bani na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wena umkhulu yini kunobaba u-Abrahama osewafa na? Nabaprofethi sebafa. Uzenza bani na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Ingabe wena umkhulu kunobaba u-Abrahama osewafa na? nabaprofethi bafile; uzenza bani na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ingabe wena umkhulu kunobaba u-Abrahama osewafa na? nabaprofethi bafile; uzenza bani na? |
Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.
Ningacabangi ukuthi nizakuthi phakathi kwenu: ‘Sinobaba u-Abhrahama,’ ngokuba ngithi kini: uNkulunkulu angamvusela abantwana u-Abhrahama kulawa matshe.
AbaJuda bamphendula, bathi: “Asikukhandi ngamatshe ngenxa yomsebenzi omuhle, kodwa ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu, uzenza uNkulunkulu.”
Ngakho isixuku samphendula, sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKhristu uyakuphila phakade. Pho usho kanjani ukuthi iNdodana yomuntu ifanelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”
AbaJuda bamphendula, bathi: “Sinomthetho thina; ngokwalo mthetho ufanele ukuba afe, ngokuba uzenze iNdodana kaNkulunkulu.”
Ngabe Wena umkhulu yini kunokhokho wethu uJakobe owasipha lo mthombo, waphuza kuwo, yena namadodana akhe nemihlambi yakhe na?”
Ngakho-ke ngenxa yalokhu, abaJuda babefuna kakhulu ukumbulala, ngokuba akephulanga nje isabatha, futhi wathi uNkulunkulu unguYise; ngaleyo ndlela ezenza olingana noNkulunkulu.
UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: engakabi bikho u-Abhrahama, ngangikhona Mina.”
okungababo okhokho, nadabuka kubo uKhristu ngokwenyama, Yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.