U-Ahabi wayesethi ku-Eliya: “Ungitholile wena sitha sami na?” Wathi: “Ngikutholile, ngenxa yokuba nguwena ozithengisile, wenza okubi emehlweni kaSimakade.
Johane 7:7 - IsiZulu 2020 Izwe ngeke linizonde nina, kodwa Mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi. Baasraak Zulu New Testament Bible Izwe lingenizonde; kodwa mina liyangizonda, ngoba ngifakaza ngalo, ukuthi imisebenzi yalo mibi. Contemporary Zulu Bible 2024 Izwe lingenizonde; kodwa mina liyangizonda, ngoba ngifakaza ngalo, ukuthi imisebenzi yalo mibi. |
U-Ahabi wayesethi ku-Eliya: “Ungitholile wena sitha sami na?” Wathi: “Ngikutholile, ngenxa yokuba nguwena ozithengisile, wenza okubi emehlweni kaSimakade.
Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafathi: “Kusekhona umuntu oyedwa esingabuza kuSimakade ngaye kodwa ngiyamzonda ngokuba akaphrofethi okuhle ngami kodwa okubi; nguMikhaya, indodana kaJimila.” UJehoshafathi wathi: “Inkosi mayingakusho lokho.”
Kodwa lowo owehluleka ukungifumana, uzigwaza ngowakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”
Ababeka umuntu icala ngezwa bethi, babekele ugibe umthethi wamacala esigcawini, bachezukise olungileyo ngento engelutho.
Usho kanje uSimakade, uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe, kodelelekile oyisinengiso esizweni, noyinceku yababusi, uthi: “Amakhosi ayakubona qede asukume; izikhulu zikubone, bese zikhothama ngenxa kaSimakade othembekileyo, oNgcwele ka-Israyeli; okukhethileyo.”
Njalo uma ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhujiswa; impela izwi likaNkulunkulu seliphenduke ihlazo kimi, nenhlekisa usuku lonke.
umphristi uyakumbheka, uma ebona ukuthi lapho isikhumba sivuvukele khona sekumhlophe, noboya sebuphenduke baba mhlophe nokuthi kukhona inyama ebomvu ekuvuvukeni;
Ngabaxosha abelusi abathathu ngenyanga eyodwa, ngoba sengikhathele ukubabekezelela, sengidiniwe futhi yibona.
“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.
Maye, kinina nonke abantu abakhuluma kahle ngani, ngokuba oyise benza kanjalo kubaphrofethi mbumbulu.
Ngibanikile izwi lakho, umhlaba wabazonda, ngokuba bengesibo abawo; nami angisiye owomhlaba.
Yilesi isehlulelo ukuthi ukukhanya kufikile emhlabeni, kodwa abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo imibi.
Ngokuba ukucabanga komuntu esenyameni kungubutha kuNkulunkulu, lokhu akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi akusoze kwawuthobela,
Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu.