Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.
Johane 7:5 - IsiZulu 2020 Phela ngisho abafowabo imbala babengakholwa nguye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba nabafowabo babengakholwa nguye. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba nabafowabo babengakholwa kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba nabafowabo babengakholwa kuye. |
Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.
Kepha lapho abafowabo sebenyukele emkhosini, naye-ke wenyuka, hhayi ngokusobala kodwa isinyenyela.
Abafowabo bakaJesu, bathi kuye: “Suka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo.
Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, ebe yena uqobo efuna ukwaziwa. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise ezweni.”