Simakade, ngiyithanda kakhulu indlu ohlala kuyo, nendawo lapho kuhlala khona inkazimulo yakho.
Johane 7:10 - IsiZulu 2020 Kepha lapho abafowabo sebenyukele emkhosini, naye-ke wenyuka, hhayi ngokusobala kodwa isinyenyela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sebenyukele emkhosini abafowabo, naye-ke wenyuka, kungesobala kepha kungathi kungasese. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha abafowabo sebenyukile, naye wenyuka waya emkhosini, kungesobala kodwa kungathi ngasese. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha abafowabo sebenyukile, naye wenyuka waya emkhosini, kungesobala kodwa kungathi ngasese. |
Simakade, ngiyithanda kakhulu indlu ohlala kuyo, nendawo lapho kuhlala khona inkazimulo yakho.
Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”
Ngakho-ke ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi, ngokuba yisikhathi esibi.
“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.
Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.
UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma manje, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Ngakho-ke wamvumela.
Ngakho-ke uJesu akabange esahamba obala phakathi kwabaJuda, kodwa wasuka lapho waya ezweni eliseduze nogwadule, emzini okuthiwa yi-Efrayimi. Wahlala lapho nabafundi bakhe.
Abafowabo bakaJesu, bathi kuye: “Suka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo.
Kepha lapho sesifikile isikhathi esimisiweyo, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,