izinyonga ziyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luhlabelele ngentokozo. Ngokuba kuyoqubuka amanzi ehlane, nemifudlana ogwadule.
Johane 5:9 - IsiZulu 2020 Umuntu wasinda ngaleso sikhathi, wayesethatha uhlaka lwakhe, wahamba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesephila masinyane lowo muntu, wathabatha uhlaka lwakhe, wahamba. Kwakuyisabatha ngalolo suku. Baasraak Zulu New Testament Bible Wahle wasinda umuntu, wathatha uhlaka lwakhe, wahamba. Contemporary Zulu Bible 2024 Wahle wasinda umuntu, wathatha uhlaka lwakhe, wahamba. |
izinyonga ziyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luhlabelele ngentokozo. Ngokuba kuyoqubuka amanzi ehlane, nemifudlana ogwadule.
Usho kanje uSimakade, uthi: “Xwayani ngenxa yemiphefumulo yenu, ukuba ningathwali mthwalo ngosuku lwesabatha, ningawungenisi emasangweni eJerusalema,
Esesondele kuye, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane waphela; wabakhonza.
UJesu wathi kuyo: “Hamba, ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yabona khona lapho, yayisimlandela endleleni.
Masinyane, umthombo wegazi lakhe wanqamuka, wezwa emzimbeni wakhe ukuthi usesindile esifeni ebesimhlupha.
Emva kwalokho uJesu wamfica lowo muntu ethempelini, wathi kuye: “Usuphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokhu.”
Uma umuntu emukela ukusoka ngeSabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho kungani ningithukuthelele ngokuba ngisindise umuntu ngeSabatha na?