Bheka ngakwesokunene sami, uyabona, akukho namunye onginakekelayo, angisenasiphephelo, akekho osawukhathalela umphefumulo wami.
Johane 5:7 - IsiZulu 2020 Waphendula, wathi: “Nkosi, anginamuntu ongangifaka echibini lapho lizanyazanyiswa. Kuthi nje ngiseza kulo, ngidlulwe ngomunye, angene kuqala.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ogulayo wamphendula wathi: “Nkosi, anginamuntu wokungifaka echibini, nxa amanzi ezanyazanyiswa; kuthi ngiseza, kwehle omunye phambi kwami.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ogulayo wamphendula wathi: Nkosi, kangilamuntu ongangifaka echibini, nxa amanzi ezanyanyiswa; Contemporary Zulu Bible 2024 Ogulayo wamphendula wathi: Nkosi, kangilamuntu ongangifaka echibini, nxa amanzi ezanyanyiswa; |
Bheka ngakwesokunene sami, uyabona, akukho namunye onginakekelayo, angisenasiphephelo, akekho osawukhathalela umphefumulo wami.
Kwakukhona-ke eJerusalema, ngaseSangweni Lezimvu, ichibi ngesiHebheru elibizwa ngokuthi iBhethzatha, linemipheme emihlanu.
Kwakulala kuyo izinkumbi zabagulayo: izimpumputhe, izinyonga, nabafe uhlangothi. Babelindele ukuzanyazanyiswa kwechibi.
Ingelosi kaNkulunkulu yayehla ngezikhathi ezithile, ifike izamazamise ichibi, bese kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwalo, asinde esifweni esimphetheyo, noma ngabe sifo sini.
UJesu embona elele lapho, futhi azi ukuthi sekuyisikhathi eside egula, wathi kuye: “Uyathanda yini ukusinda na?”
Ngokuba sisebuthakathaka, uKhristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo,
Anazi yini ukuthi abagijimayo bencintisana, bagijima bonke, kodwa munye othola umklomelo na? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole.
“USimakade uyobehlulela abantu bakhe, abe nesihawu ezincekwini zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, akusekho oboshiweyo nokhululekileyo.