UJesu wayesethi kulowo muntu oshwabene isandla: “Yelula isandla sakho.” Wayeseselula, saphila, safana nesinye.
Johane 5:16 - IsiZulu 2020 AbaJuda bamzingela uJesu ngenxa yalokho, ngokuba wayenze lokho ngesabatha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngenxa yalokho abaJuda bamzingela uJesu, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngalokho abaJuda bamzingela uJesu, badinga ukumbulala, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalokho abaJuda bamzingela uJesu, badinga ukumbulala, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha. |
UJesu wayesethi kulowo muntu oshwabene isandla: “Yelula isandla sakho.” Wayeseselula, saphila, safana nesinye.
AbaFarisi baphuma ngokushesha bayohlanganisa amakhanda ngaye nabakaHerodi ukuthi bangambhubhisa kanjani.
Bathukuthela bathelwa ngamanzi, bakhuluma bodwa bebonisana ukuthi bangamenzenjani uJesu.
Lokhu kungubufakazi bukaJohane, lapho abaJuda bethumele abaphristi nabaLevi bevela eJerusalema ukuba bambuze, bathi: “Wena ungubani na?”
Khumbulani izwi enganitshela lona, ngathi: ‘Isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso.’ Uma Mina bengihlupha, nani bayakunihlupha; uma beligcina izwi lami, kanjalo bayakuligcina nelenu.
Ngakho-ke abaJuda bathi kulowo muntu owayesephilisiwe: “Yisabatha namuhla, akuvumelekile ukuba uthwale uhlaka lwakho.”
Kepha owayephilisiwe wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayemonyukile, lokhu kwakukhona isixuku kuleyo ndawo.
Ngakho-ke ngenxa yalokhu, abaJuda babefuna kakhulu ukumbulala, ngokuba akephulanga nje isabatha, futhi wathi uNkulunkulu unguYise; ngaleyo ndlela ezenza olingana noNkulunkulu.
UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngenze umsebenzi owodwa nje, kodwa nonke niyamangala.
Ngakho-ke abanye baseJerusalema bathi: “Lo muntu, akusiye yini abafuna ukumbulala na?