UNkulunkulu wafika ebusuku ngephupho ku-Abhimeleki, wathi: “Uyabona, uzokufa ngenxa yalo wesifazane omthathile; ungumkamuntu.”
Johane 4:18 - IsiZulu 2020 ngokuba sewuke waba namadoda ayisihlanu, nale onayo manje akusiyo eyakho. Lokhu okushoyo kuyiqiniso.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba usuke waba namadoda ayisihlanu; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho. Lokhu ukusho ngeqiniso.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba ubunamadoda amahlanu; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ubunamadoda amahlanu; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho; |
UNkulunkulu wafika ebusuku ngephupho ku-Abhimeleki, wathi: “Uyabona, uzokufa ngenxa yalo wesifazane omthathile; ungumkamuntu.”
UShekhemu, indodana kaHamori, umHivi, owayebusa kulelo lizwe, wambona wamthatha, wamona, wamthela ngehlazo.
Impela njengomfazi ekhohlisa umyeni, kanjalo ningikhohlisile nina ndlu ka-Israyeli,” kusho uSimakade.
“ ‘Yilona umthetho wesikhwele, uma umfazi ephambukile esephansi kwendoda yakhe, wazingcolisa,
Owesifazane waphendula, wathi: “Anginandoda.” UJesu wathi kuye: “Usho kahle uma uthi: ‘Anginandoda,’
Ngalokho-ke uma indoda isaphila, yena bese eba ngowenye indoda, uyakubizwa ngesindindwa, kodwa uma indoda isifile, ukhululekile emthethweni, akasiso isindindwa, uma eba ngowenye indoda.
Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo.
NoRuthi wakwaMowabi umkaMahaloni ngimngenile ukuba abe ngumkami, ngivuse igama likamufi nefa lakhe ukuze angacinywa ezincwadini zomuzi nasemndenini. Namuhla nonke ningofakazi.”