Baningi abathi: “Ngubani oyakusenzela okuhle na?” Simakade, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.
Johane 4:15 - IsiZulu 2020 Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuze ngingaphinde ngome, futhi ngingabe ngiseza lapha ukuzokha amanzi.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuba ngingomi, ngingabe ngiseza ukukha lapha.” Baasraak Zulu New Testament Bible Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi, ukuze ngingomi, futhi ngingezi ukuzokha lapha. Contemporary Zulu Bible 2024 Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi, ukuze ngingomi, futhi ngingezi ukuzokha lapha. |
Baningi abathi: “Ngubani oyakusenzela okuhle na?” Simakade, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.
UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa, nasutha.
UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Ozayo kimi akasoze alamba, nalowo okholwa yimi akasoze oma.
Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKhristu uJesu iNkosi yethu.
Umuntu wemvelo akakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye, futhi angekuqonde lokho; kuqondisiswa ngokomoya.
Niyacela, kodwa anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusaphaze ezinkanukweni zenu.
Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.