Johane 3:26 - IsiZulu 2020 Beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owawunaye ngaphesheya kweJordani, owafakaza ngaye useyabhabhadisa, abantu bonke baya kuye.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe phesheya kweJordani, owamfakazelayo, bheka, uyabhapathiza, bonke beza kuye.” Baasraak Zulu New Testament Bible Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe ngaphesheya kweJordani, owafakaza ngaye, bheka, yena uyabhapathiza, futhi bonke beza kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe ngaphesheya kweJordani, owafakaza ngaye, bheka, yena uyabhapathiza, futhi bonke beza kuye. |
Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.
Ngizifunge Mina, izwi liphumile emlonyeni wami ngokulunga, aliyukubuyela emuva: wonke amadolo, ayoguqa kimi nezilimi zonke ziyofunga.
“Kepha-ke nina maningabizwa ngokuthi: ‘Rabi,’ ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalwane.
UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Lona nguye engikhulume ngaye ngathi: ‘Emva kwami kuza lowo omkhulu kunami, ngokuba wayekhona ngaphambi kwami.’ ”
Uma simyeka, bonke bazakukholwa kuye, bese kufika amaRoma asithumbe, athathe nethempeli lethu nesizwe sakithi.”
Ngakho-ke abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: “Niyabona, akukho lutho esingalwenza; izwe lonke liyamlandela.”
Lo weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akekho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”
Kwathi ukuba uJesu ezwe ukuthi abaFarisi sebezwile ukuthi uthola abafundi, futhi abhabhadise abaningi kunoJohane,