Johane 3:22 - IsiZulu 2020 Emva kwalokho uJesu nabafundi bakhe baya eJudiya, bahlala khona, wabhabhadisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngasemva kwalokho uJesu weza nabafundi bakhe ezweni laseJudiya; wahlala khona nabo, wabhapathiza. Baasraak Zulu New Testament Bible Emva kwalokho uJesu nabafundi bakhe baya ezweni laseJudiya; wahlala khona nabo, wabhapathiza. Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwalokho uJesu nabafundi bakhe baya ezweni laseJudiya; wahlala khona nabo, wabhapathiza. |
UJohane naye wayebhabhadisa e-Ayenoni eduze naseSalimi, ngokuba kwakunamanzi amaningi lapho. Abantu beza, babhabhadiswa.
Beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owawunaye ngaphesheya kweJordani, owafakaza ngaye useyabhabhadisa, abantu bonke baya kuye.”
Abafowabo bakaJesu, bathi kuye: “Suka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo.