Johane 21:9 - IsiZulu 2020 Kuthe sebephumele emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi zibekwe kuwo, nesinkwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuthe sebephumele emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi zibekwe kuwo, nesinkwa. Baasraak Zulu New Testament Bible Khona sebefikile emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi kubekwe kuwo, nesinkwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona sebefikile emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi kubekwe kuwo, nesinkwa. |
Uma ngisihambisa silambile, sibuyele emakhaya, siyophelelwa ngamandla endleleni, ngokuba abanye baso bavela kude.”
Kwakumi lapho izinceku nezikhonzi zibase umlilo wamalahle, zotha, ngokuba kwakumakhaza; noPhethro wayemi nazo, otha umlilo.
Kepha abanye abafundi beza ngesikebhe bedonsa inetha elinezinhlanzi, ngokuba babengekude nogu, kungaba yibanga elingamakhubhithi angama-200.
Ngakho-ke uJesu wathatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehleli lapho, wenza kanjalo futhi nangezinhlanzi, njengokuthanda kwabo.
“Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, kodwa kuyini lokhu kubantu abaningi kangaka na?”