Johane 21:1 - IsiZulu 2020 Sekwedlule lokho, uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi bakhe ngasolwandle iThibheriya. Wazibonakalisa kanje: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanje: Baasraak Zulu New Testament Bible Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanjalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanjalo. |
Phuthumani, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo. Useyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Niyabona-ke, senginitshelile.”
Emveni kwalokho wabonakala engesinye isimo kwababili babo ababehamba beya emzaneni.
Kamuva wabonakala kwabali-11, behlezi bedla. Wabasola ngokungakholwa kwabo, nangobulukhuni bezinhliziyo zabo, ngokuba bengabakholwanga labo ababembonile esevukile.
Kepha hambani nibikele abafundi bakhe noPhethro ukuthi uzakunandulela ukuya eGalile. Kulapho-ke nizakumbona khona, njengalokhu ayenitshelile.”
Lokhu kwase kungokwesithathu uJesu ebonakaliswa kubafundi, esevukile kwabafileyo.
Kwafika ezinye izikebhe zivela eThibheriya zema eduze nendawo lapho babedle khona isinkwa emuva kokuba iNkosi isibongile.
Emva kokuhlupheka kwakhe, wazibonakalisa kubo ephilile ngobufakazi obuningi, eziveza kubo ngalezi zinsuku ezingama-40, ekhuluma nabo ngombuso kaNkulunkulu.