mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho ohlala kuyo, uyakuthethelela, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe, ngokuba nguwe wedwa owazi okusenhliziyweni yalowo nalowo muntu,
Johane 2:25 - IsiZulu 2020 Wayengadingi futhi ukuba atshelwe ngomuntu, lokhu wayekwazi okungaphakathi kumuntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu; wayekwazi yena okuphakathi komuntu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwakungasweli muntu ukuthi afakaze ngomuntu, ngoba yena wayekwazi okukumuntu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakungasweli muntu ukuthi afakaze ngomuntu, ngoba yena wayekwazi okukumuntu. |
mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho ohlala kuyo, uyakuthethelela, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe, ngokuba nguwe wedwa owazi okusenhliziyweni yalowo nalowo muntu,
Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uSimakade; akayukwehlulela ngokubona kwamehlo akhe, noma anqume ngakuzwe ngosizwile.
UJesu eyazi imidlinzo yabo, wathi: “Yini nidlinze okubi ezinhliziyweni zenu na?
Wamyisa kuJesu. UJesu wambheka, wathi: “Wena unguSimoni kaJona; usuzakubizwa ngokuthi uKhefase,” okusho ukuthi ngokuhunyushwa, uPhethro.
UJesu wambona uNathaniyeli eza kuye, wakhuluma ngaye wathi: “Nangu-ke umIsrayeli woqobo, ongenankohliso.”
Kepha uJesu, azi ukuthi abafundi bakhe bayakhononda ngalokho, wathi kubo: “Ngabe lokho kuyanicasula yini na?
Kepha bakhona abanye kini abangakholwayo.” UJesu wayazi kwasekuqaleni ukuthi ngobani abangakholwayo, nokuthi ngubani ozakumkhaphela.
Kuyothi lapho sebehlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, leli hubo liyoba ngufakazi omelene nabo, ngokuba aliyukukhohlakala emilonyeni yozalo lwabo, lokhu ngiyayazi imicabango yabo abayicabangayo namhlanje, ngaphambi kokuba ngibangenise ezweni engafunga ngalo kubo.”