Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.
Johane 2:15 - IsiZulu 2020 Wayesephotha inkalivasi ngezintambo, wabaxosha bonke ethempelini, izimvu nezinkomo; wasakaza imali yabashintshisayo, wagumbuqela amatafula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesenza inkalivasi* ngezintambo, waxosha bonke ethempelini, nezimvu nezinkomo, wachitha imali yabashintshayo, wagumbuqela amatafula, Baasraak Zulu New Testament Bible Esenzile isiswepu sezintambo, wabaxosha bonke ethempelini, nezimvu, nezinkomo; wayichitha imali yabashintshi, wagumbuqela amatafula; Contemporary Zulu Bible 2024 Esenzile isiswepu sezintambo, wabaxosha bonke ethempelini, nezimvu, nezinkomo; wayichitha imali yabashintshi, wagumbuqela amatafula; |
Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.
UJesu wangena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbukuqela amatafula abashintshisa ngemali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba.
Wafumana ethempelini ababethengisa ngezinkomo, ngezimvu nangamajuba, abanye behlezi beshintsha imali.
Wathi kulabo abathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengiselana.”
ngokuba izikhali esilwa ngazo akusizo ezenyama, kodwa ngoNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, zichithe imidlinzo emibi,