Johane 2:1 - IsiZulu 2020 Kwathi ngosuku lwesithathu, kwaba khona umshado eKhana eGalile. Unina kaJesu wayekhona lapho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; nonina kaJesu wayelapho. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; nonina kaJesu wayelapho. |
Indlu nengcebo kuyifa elivela kubazali, kodwa umfazi ohlakaniphileyo uvela kuSimakade.
Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.
Ngakusasa uJohane wabona uJesu eza kuye, wayesethi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono somhlaba.
Ngangomuso uJesu wanquma ukuya eGalile. Wafica uFiliphu, wathi kuye: “Ngilandele.”
Lesi kwakuyisibonakaliso sokuqala uJesu asenza eKhana eGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe. Abafundi bakhe bakholwa nguye.
kwakukhona lapho uSimoni Phethro, uThomase okuthiwa nguDidimu, uNathanayeli waseKhana eGalile, amadodana kaZebedewu, nabanye abafundi bakhe ababili.
Ngakho-ke waphinda waya eKhana eGalile, lapho aguqula khona amanzi aba yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi eyayigulelwa yindodana yayo eKhaphernawume.
Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo.