Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 2:1 - IsiZulu 2020

Kwathi ngosuku lwesithathu, kwaba khona umshado eKhana eGalile. Unina kaJesu wayekhona lapho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; nonina kaJesu wayelapho.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; nonina kaJesu wayelapho.

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 2:1
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ofumana umfazi uthola okuhle; uzuzile isihawu kuSimakade.


Indlu nengcebo kuyifa elivela kubazali, kodwa umfazi ohlakaniphileyo uvela kuSimakade.


Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.


Ngakusasa uJohane wabona uJesu eza kuye, wayesethi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono somhlaba.


Nangakusasa uJohane wayemi nabafundi bakhe ababili.


Ngangomuso uJesu wanquma ukuya eGalile. Wafica uFiliphu, wathi kuye: “Ngilandele.”


Lesi kwakuyisibonakaliso sokuqala uJesu asenza eKhana eGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe. Abafundi bakhe bakholwa nguye.


kwakukhona lapho uSimoni Phethro, uThomase okuthiwa nguDidimu, uNathanayeli waseKhana eGalile, amadodana kaZebedewu, nabanye abafundi bakhe ababili.


Ngakho-ke waphinda waya eKhana eGalile, lapho aguqula khona amanzi aba yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi eyayigulelwa yindodana yayo eKhaphernawume.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo.


e-Ebhironi, eRehobhi, eHamoni, eKhana, uze uyofika eSidoni Elikhulu,