Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa.
Johane 19:42 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke ngenxa yokuthi kwakulusuku lwabaJuda lokulungisela iSabatha, bambeka kulelo thuna uJesu ngoba laliseduze. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bambeka lapho-ke uJesu ngenxa yolokulungisela lwabaJuda, ngokuba ithuna laliseduze. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho bamlalisa lapho uJesu ngenxa yosuku lokuLungiselela lwabaJuda; ngoba ithuna laliseduze. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho bamlalisa lapho uJesu ngenxa yosuku lokuLungiselela lwabaJuda; ngoba ithuna laliseduze. |
Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa.
Babeka ithuna layo kanye nababi; ekufeni yayinabenza okubi, noma ingenzanga ndluzula, kungekho nankohliso emlonyeni wayo.
Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.
Kwakulusuku lokulungiselela iPhasika, cishe sekuyihora lesithupha. UPilatu wathi kubaJuda: “Nansi-ke, inkosi yenu.”
AbaJuda abaningi basifunda lesi saziso, ngokuba indawo lapho ayebethelwe khona uJesu yayiseduze nomuzi. Kwakulotshwe ngesiHebheru, ngesiRoma, nangesiGriki.
Ngakho-ke abaJuda, lokhu kwakulusuku lokulungisela, nokuba izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngenxa yokuba isabatha kwakulusuku olukhulu, bacela kuPilatu ukuba kwephulwe imilenze yababethelweyo, bese besuswa.
Ngakuleyo ndawo ayebethelwe khona kwakunensimu, kukhona ithuna elisha kuyo, okungakaze kubekwe muntu kulo.
Kwathi sebekufeze konke okwakulotshiwe ngaye, bamehlisa emthini, bambeka ethuneni.
nimbelwe kanye naye ngombhabhadiso, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.