Johane 19:13 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke uPilatu esezwile lawo mazwi, wamkhiphela ngaphandle uJesu. Wahlala esihlalweni sokwehlulela endaweni okuthiwa: “EGandaywe Ngamatshe,” ngesiHebheru okuthiwa iGabhatha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuthe uPilatu esezwa lawo mazwi wamkhiphela ngaphandle uJesu; wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ethiwa eGandaywe ngamatshe kodwa ngesiHeberu iGabatha. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi uPilatu ezwa lelo zwi, wamkhiphela ngaphandle uJesu, wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ebizwa ngokuthi, Indawo egandaywe ngamatshe, kodwa ngesiHeberu iGabatha. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi uPilatu ezwa lelo zwi, wamkhiphela ngaphandle uJesu, wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ebizwa ngokuthi, Indawo egandaywe ngamatshe, kodwa ngesiHeberu iGabatha. |
Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.
“Ngubani owawunovalo ngaye, futhi umesaba, waze waqamba amanga; awungikhumbulanga, futhi awukufakanga enhliziyweni yakho na? Angithulanga yini kwaze kweqa, okukwenze awaba nakungesaba na?
Inkosi uZedekiya yathi kuJeremiya: “Ngiyabesaba abaJuda abahlubukele kumaKhaledi, funa nginikelwe kubo, bangiphathe kabi.”
“Nganigodlela futhi nemvula, kusasele izinyanga ezintathu kuvunwe; ngayidedela komunye umuzi; ngangalinisa komunye, ngayidedela kwesinye isiqephu sezwe, ngangalinisa kwesinye isiqephu, kwathi isiqephu engananga kuso sasha.
Esahleli esihlalweni sokwehlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungayingeni indaba yalowo muntu olungileyo, ngokuba ngikhathazeke kakhulu ngaye namuhla ephusheni.”
Kepha-ke ngizakunitshengisa okufanele nimesabe. Mesabeni lo othi esebulele, abuye abe namandla okuphonsa esihogweni. Impela, ngithi kini: mesabeni lowo.
Ezithwalele isiphambano, bahamba naye, baya endaweni okuthiwa iNdawo Yekhanda, ngesiHebheru okuthiwa iGolgotha.
AbaJuda abaningi basifunda lesi saziso, ngokuba indawo lapho ayebethelwe khona uJesu yayiseduze nomuzi. Kwakulotshwe ngesiHebheru, ngesiRoma, nangesiGriki.
Kwakukhona-ke eJerusalema, ngaseSangweni Lezimvu, ichibi ngesiHebheru elibizwa ngokuthi iBhethzatha, linemipheme emihlanu.
Kepha uPhethro noJohane babaphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu,