Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 16:21 - IsiZulu 2020

Owesifazane nxa esabeletha, uba lusizi, ngokuba sesifikile isikhathi sakhe; kepha uma esembelethile umntwana, akabe esazikhumbula izinhlungu ngenxa yenjabulo yokufika komntwana emhlabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Owesifazane, nxa esabeletha, ulusizi, ngokuba sifikile isikhathi sakhe; kepha nxa esembelethile umntwana, akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Owesifazana nxa ebeletha ulobuhlungu, ngoba ihola lakhe selifikile;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Owesifazana nxa ebeletha ulobuhlungu, ngoba ihola lakhe selifikile;

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 16:21
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kowesifazane wathi: “Ngiyokuzwisa izinhlungu ezinkulu usakhulelwe, uzwe iminjunju lapho ubeletha. Uyohlala ulangazelela indoda yakho, yona ikubuse.”


Uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho, uyakukukhumbula njengamanzi adlulileyo.


Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi, ibe ngunina othokozayo wabantwana. Haleluya!


Bayakushaqeka, babanjwe yiminjunju nobuhlungu, bayoba neminjunju enjengemihelo yowesifazane ebeletha. Bayobhekana nomakhelwano babo ngeziqu zamehlo. Ubuso babo bubheje bube bomvu okwamalangabi.


Ngalokho ukhalo lwami lugcwele izinhlungu; ngibanjwe yimihelo njengowesifazane obelethayo; ngikhonkobele ngengikuzwile, ngethukile ngengikubonile.


“IZiyoni ngaphambi kokuba libe nemihelo, lazala; lingakehlelwa zinhlungu, lazala umntwana wesilisa.


Yobayoba ezinhlungwini, uzale, ndodakazi yaseZiyoni, njengowesifazane obelethayo, ngokuba manje uyakuphuma uphele kulo muzi, uyakuhlala endle, uye naseBhabhele, kulapho uyakukhululwa khona; uSimakade uyakukuhlenga esandleni sezitha zakho.”


“Kungani manje usukhala ubuqanduqandu na? Awunayo yini inkosi, noma useshabalele yini umeluleki wakho, ngoba usubanjwe yimihelo njengobelethayo na?


Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Thokoza wena nyumba ongazalanga, dazuluka wena ongakaze uhelelwe, ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda.”


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.