UJesu walisho izwi kubo ngemizekeliso eminingi enjalo, ngangokwamandla abo okuzwa.
Johane 16:12 - IsiZulu 2020 “Kusekuningi enginganitshela khona, kodwa manje ningekuthwale. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngisenezinto eziningi engizonitshela zona, kodwa ningekuthwale manje. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngisenezinto eziningi engizonitshela zona, kodwa ningekuthwale manje. |
UJesu walisho izwi kubo ngemizekeliso eminingi enjalo, ngangokwamandla abo okuzwa.
Angisezukukhuluma nani ngenabe, ngokuba umbusi waleli lizwe uyeza, nokho-ke akanamandla kimi,
Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa yinkosi yayo, kodwa nginibize ngabangani ngokuba konke engikuzwile kuBaba, nginazisile khona.
Kepha lapho esefikile Yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso. Ngokuba akayukukhuluma okwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
Emva kokuhlupheka kwakhe, wazibonakalisa kubo ephilile ngobufakazi obuningi, eziveza kubo ngalezi zinsuku ezingama-40, ekhuluma nabo ngombuso kaNkulunkulu.