Ngizigcinile izindlela zikaSimakade; angikwenzanga okubi ngokufulathela uNkulunkulu wami.
Johane 15:10 - IsiZulu 2020 Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami; njengalokhu nami ngigcinile imiyalo kaBaba, ngihlezi othandweni lwakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami; njengalokhu nami ngigcinile imiyalo kaBaba, ngihlezi othandweni lwakhe. |
Ngizigcinile izindlela zikaSimakade; angikwenzanga okubi ngokufulathela uNkulunkulu wami.
Wabambelela kuSimakade akaze achezuka ekumlandeleni, wagcina imiyalo uSimakade ayeyale ngayo uMose.
INkosi uSimakade iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane.
Akekho ongangephuca ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami. Nginegunya lokukudela, negunya lokubuye ngikuthathe. Lo myalo ngiwamukele uvela kuBaba.”
Ngokuba angikukhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo, nguye onginike umyalo wokuthi ngithini, futhi ngikhulumeni.
“Lowo onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo. Ongithandayo uyakuthandwa nguBaba; nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”
UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.
kepha ukuze izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba, nokuthi ngenza njengalokhu uBaba engiyalile. “Sukumani, sihambe lapha.”
Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngiwufezile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze.
UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukuba ngenze intando yongithumileyo, nokuba ngiwuphothule umsebenzi wakhe.
Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngingedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandekayo kuye.”
Animazi, kodwa Mina ngiyamazi. Uma ngingathi angimazi, ngingaba ngumqambimanga njengani. Kepha ngiyamazi, ngigcina izwi lakhe.
Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, okubalulekile ngukugcina imiyalo kaNkulunkulu.
Elokugcina, bazalwane, siyaninxusa, sinigqugquzela eNkosini uJesu ukuba njengalokhu nakwemukela kithi ukuthi nifanele niziphathe, futhi nimthokozise kanjani uNkulunkulu, njengalokhu nivele nenza kanjalo, khuthalani-ke kakhulu ukwenza lokho.
Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.
Ngokuba kwakungcono kubo ukuthi kabazange bayazi indlela yokulunga kunokuba bathi sebeyazi baphenduke bafulathele umyalo ongcwele ababewunikiwe.
Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba siyigcine imiyalo yakhe, futhi imiyalo yakhe ayinzima.
“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.