Johane 14:10 - IsiZulu 2020 Awukholwa yini ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi na? Amazwi engiwakhulumayo Mina kini, angiwakhulumi ngokwami; kodwa uBaba ohleli kimi wenza imisebenzi yakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi, na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Kawukholwa yini ukuthi mina ngikuBaba, loBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami, kepha uBaba ohlezi kimi, nguyena owenza imisebenzi. Contemporary Zulu Bible 2024 Kawukholwa yini ukuthi mina ngikuBaba, loBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami, kepha uBaba ohlezi kimi, nguyena owenza imisebenzi. |
Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani-ke yimisebenzi, ukuze nazi futhi niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.”
Ngokuba angikukhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo, nguye onginike umyalo wokuthi ngithini, futhi ngikhulumeni.
Kholwani ukuthi Mina ngikuBaba, noBaba ukimi. Uma kungenjalo, kholwani ngenxa yemisebenzi uqobo lwayo.
Ongangithandiyo akawagcini amazwi ami. Izwi enilizwayo akusilo elami, kodwa ngelikaBaba ongithumileyo.
Ngokuba amazwi ongiphe wona, ngibaphile wona, bawamukela; bazi impela ukuthi ngavela kuwe, futhi bakholwa ukuthi ngithunywe nguwe.
Lo weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akekho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”
Ngakho-ke uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: iNdodana ingenze lutho ngokwayo, ngaphandle kwalokho ekubona kwenziwa nguYise, ngokuba lokho akwenzayo Yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.
UJesu wabaphendula, wathi: “Imfundiso yami akusiyona eyami, kodwa ngeyongithumileyo.
Ngakho-ke wathi kubo: “Uma seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, kulapho-ke niyakukwazi ukuthi nginguye, nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu engikufundiswe nguBaba.
Ngikhuluma lokho engikubonileyo kuBaba; nani-ke nenza lokho enikuzwileyo kuyihlo.”
Kepha manje nifuna ukungibulala, Mina muntu onitshele iqiniso, engilizwe kuNkulunkulu. U-Abhrahama akakwenzanga lokho.
Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.
okungukuthi, uNkulunkulu ekuKhristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko, ebeka kithi izwi lokubuyisana.