Umfundi kangaphezulu komfundisi, kepha lowo oqeqeshwe ngokuphelelisiweyo, uyakuba njengomfundisi wakhe.
Johane 13:16 - IsiZulu 2020 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso, nothunyiweyo akangaphezulu komthumileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo; futhi othunyiweyo mkhulu kunalowo omthumileyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo; futhi othunyiweyo mkhulu kunalowo omthumileyo. |
Umfundi kangaphezulu komfundisi, kepha lowo oqeqeshwe ngokuphelelisiweyo, uyakuba njengomfundisi wakhe.
Khumbulani izwi enganitshela lona, ngathi: ‘Isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso.’ Uma Mina bengihlupha, nani bayakunihlupha; uma beligcina izwi lami, kanjalo bayakuligcina nelenu.
UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa kabusha, ngeke awubone umbuso kaNkulunkulu.”
UJesu waphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, ngeke angene embusweni kaNkulunkulu.
Uma kubuzwa ngoThithu, ngibambisene naye futhi uyisisebenzi kanye nabazalwane bethu, bayizithunywa zamabandla, bayinkazimulo kaKhristu.
Kepha ngibone kudingekile ukuba ngithumele u-Ephafrodithu, umzalwane, isisebenzi nebutho kanye nami, isithunywa senu, nesikhonzi ekwesweleni kwami.