USimakade wayesethi kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakuqikelela ukuba izwi lami ngilifeze.”
Johane 13:13 - IsiZulu 2020 Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi.’ Yebo, nisho kahle, ngokuba ngiyikho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi;’ nisho kahle, ngokuba ngiyikho. Baasraak Zulu New Testament Bible Ningibiza ngokuthi, Mfundisi, neNkosi; ngoba nginjalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ningibiza ngokuthi, Mfundisi, neNkosi; ngoba nginjalo. |
USimakade wayesethi kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakuqikelela ukuba izwi lami ngilifeze.”
njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
USimoni waphendula wathi: “Ngicabanga ukuthi yilowo oxolelwe kokuningi.” UJesu wathi kuye: “Uyihlabe esikhonkosini.”
UMariya owayegulelwa nguLazaru umnewabo, nguye lowo owagcoba ngamafutha iNkosi uJesu, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe.
Esekushilo lokho uMartha, wahamba wayobiza uMariya, udadewabo ngasese, wathi: “UMfundisi ukhona, futhi uyakubiza.”
Ngakho-ke odadewabo bathumela kuJesu, bathi: “Nkosi, bheka, umngani wakho omkhonzile uyagula.”
Ngakho-ke ngiyanazisa ukuthi: akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Makaqalekiswe uJesu,” futhi akekho ongathi: “UJesu uyiNkosi,” ebe engaholwa nguMoya oNgcwele.
kodwa kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela konke kuye, futhi esiphilela Yena, neNkosi yinye, uJesu Khristu, okungaye kukhona konke, nathi sikhona ngaye.
Nani makhosi, yenzani kanjalo ezincekwini, niyeke ukuzisongela, nazi ukuthi iNkosi yazo neyenu isezulwini, nokuthi kuyo akukho ukukhetha umuntu.
nezilimi zonke zivume ukuthi UJESU KHRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.
Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,
Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; ingani namadimoni ayakholwa, futhi athuthumele.