Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
Johane 12:16 - IsiZulu 2020 Abafundi bakhe abakuqondanga lokhu ekuqaleni, kodwa lapho uJesu esekhazimulisiwe, bakhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye, nokuthi lokho babekwenzile kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lokho abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni; kodwa esekhazimulisiwe uJesu, base bekhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye nokuthi babekwenzile lokho kuye. Baasraak Zulu New Testament Bible Lezizinto abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni; Contemporary Zulu Bible 2024 Lezizinto abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni; |
Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
Kepha abakuqondanga lokho; leli lizwi laliyimpicabadala kubo, abakuqondanga lokho akushoyo.
UJesu wayesethi kubo: “Maye, nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke okwashiwo abaphrofethi!
Kabaqondanga ukuthi isho ukuthini inkulumo yakhe, ngokuba yayifihliwe kubo, funa bayiqonde, futhi besaba ukumbuza ngayo.
UJesu wabaphendula, wathi: “Sesifikile isikhathi sokuba iNdodana yomuntu ikhazimuliswe.
Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami, uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.
Kepha nginitshelile ngalezo zinto ukuze kuthi lapho sekufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela ngazo; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.”
Manje-ke ngikhazimulise Wena Baba, kanye nawe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, umhlaba ungakabi bikho.
Ngakho-ke kuthe esevusiwe kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho. Bakholwa ngumbhalo nayizwi uJesu ayelikhulumile.
Wayekusho lokho ngoMoya abazakumamukela labo abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngenxa yokuba uJesu wayengakakhazimuliswa.
Ngakho-ke waphakanyiselwa ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esemukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuthululile lokhu enikubonayo nenikuzwayo.”
“Ngakho-ke yonke indlu yakwa-Israyeli mayazi ngokweqiniso ukuthi nguNkulunkulu omenzile iNkosi noKhristu lo Jesu enambethela nina esiphambanweni.”
“UNkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wokhokho bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika phambi kukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula.
sibhekile kuJesu ongumqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo, wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.
Umongo walokhu esinitshela khona yilo: sinomphristi omkhulu onjalo, osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,