Johane 11:41 - IsiZulu 2020 Balisusa-ke itshe. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga, ngokuba ungizwile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Balisusa-ke itshe. Kepha uJesu waphakamisa amehlo, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile. Baasraak Zulu New Testament Bible Balisusa-ke itshe endaweni lapho ofile ayebekwe khona. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile. Contemporary Zulu Bible 2024 Balisusa-ke itshe endaweni lapho ofile ayebekwe khona. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile. |
Kwathi ngaleso sikhathi uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo, nakulabo abanokuqonda, kodwa wakwambulela izingane.
wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni; wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba.
UJosefa wathenga indwangu yelineni, wamethula, wamsonga ngayo, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna.
Ngaleso sikhathi uJesu wathokoza kuMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwembulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube kanjalo.
“Kepha umthelisi wema kude engafuni ngisho nokuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa wazithoba ezisola, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’
Kepha namanje, ngiyazi ukuthi noma yini ongayicela kuNkulunkulu, uzakukunika yona.”
UJesu wakhuluma lezi zinto, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile, khazimulisa iNdodana, ukuze iNdodana ikukhazimulise.
Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe emnyango wethuna.
Kepha yena, egcwele uMoya oNgcwele, wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu,
Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga.