Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 11:10 - IsiZulu 2020

Kepha uma ehamba ebusuku uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kodwa uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kepha uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba akukho ukukhanya kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kepha uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba akukho ukukhanya kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 11:10
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho abenzi bokubi besondela kimi ukuba bangisoconge, abamelene nami nezitha zami bayokhubeka, baqumbeke phansi.


Umuntu ohlakaniphile uyabona ukuthi uyaphi, kodwa isiwula sidukuza ebumnyameni. Kodwa ngabona ukuthi siyafana isiphetho sabo bobabili.


Mnikeni uSimakade uNkulunkulu wenu udumo, engakabulethi ubumnyama, zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwalala, niyokuthi nisabheke ukukhanya akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye sobumnyama.


Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla, ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka, abayukungehlula; bayakuba namahloni amakhulu, ngokuba abayukuphumelela, nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.


kepha kanampande ngaphakathi; ulibamba nje okwesikhashana, kuthi lapho kufika ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke ngokushesha.


Wakukhuluma lokho, qede wathi kubo: “ULazaru, umngani wethu ulele, kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni.”


UJesu waphendula, wathi: “Imini ayinawo yini amahora ali-12 na? Uma umuntu ehamba emini akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli lizwe.