Okhokho bethu beseseGibhithe abaziqondanga izibonakaliso zakho, ababukhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa, bakuhlubuka bengasolwandle, oLwandle Lomhlanga.
Johane 10:6 - IsiZulu 2020 UJesu wabalandisa lowo mzekeliso, kodwa abaqondanga ukuthi wayekhuluma ngani kubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu washo lo mfanekiso kubo; kepha bona abezwisisanga ukuba kuyini lokho akukhuluma kubo. Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wakhuluma lo mfanekiso kubo, kepha bona kabaqondanga ukuthi kuyini abekukhuluma kubo. Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wakhuluma lo mfanekiso kubo, kepha bona kabaqondanga ukuthi kuyini abekukhuluma kubo. |
Okhokho bethu beseseGibhithe abaziqondanga izibonakaliso zakho, ababukhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa, bakuhlubuka bengasolwandle, oLwandle Lomhlanga.
Kabanakwazi nakuqonda, badukuza ebumnyameni; zonke izisekelo zomhlaba ziyazamazama.
Yebo, bayizinja ezihahayo, abesuthi; abelusi nabo bonke ngothi lwabo abanakuqonda, baphendukele bonke ezindleleni zabo; yilowo nalowo enzuzweni yakhe.
Bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, abaningi bayakucwengisiswa, kepha ababi bayakwenza kabi, akukho noyedwa omubi oyakuba nokuqonda; abahlakaniphileyo bayakuqonda.
UJesu wakukhuluma konke lokhu ezixukwini ngemizekeliso, akukho lutho olunye ake walukhuluma kubo ngaphandle kwemizekeliso,
Akazange akhulume lutho kubo ngaphandle kwemizekeliso. Kepha sebebodwa ngasese, wayesebachasisela konke abafundi bakhe.
“Lokho ngikukhulume kini ngemifanekiso, kodwa siyeza isikhathi lapho ngingasayukukhuluma ngemifanekiso, kodwa ngiyakukhuluma ngoBaba ngokusobala.
Abafundi bakhe bathi kuye: “Manje-ke usukubeka ngembaba lokhu okushoyo, awusakhulumi ngemifanekeliso.
Base bephikisana bodwa abaJuda, bethi: “Lo muntu angasinika kanjani inyama yakhe, ukuba siyidle na?”
Lapho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho, bathi: “Leli lizwi lilukhuni, pho ngubani ongaliqonda na?”
Uchaza ukuthini uma ethi: ‘Niyakungifuna, ningangifumani, futhi nalapho ngikhona, anikwazi ukuza khona’ na?”
Kwenziwa yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Yingokuba anifuni ukuzwa izwi lami.
Umuntu wemvelo akakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye, futhi angekuqonde lokho; kuqondisiswa ngokomoya.
Kwenzekile kubo njengokusho kwesaga esiqinisileyo, esithi: “Inja yabuyela emhlanzweni wayo,” nesithi: “Ingulube igezwe qede yabuye yazibhixa odakeni.”
Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.