Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 1:9 - IsiZulu 2020

Kwakungukukhanya kweqiniso, okukhanyisa bonke abantu, okwase kuza ezweni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 1:9
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya.


Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uzakuba mnyama. Ngakho-ke uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani ubumnyama!


Uma umzimba wakho wonke ungukukhanya, kungekho cashaza elimnyama, uyakukhanya wonke njengesibani sikukhanyisa ngokukhanya kwaso.”


Kuye kwakukhona ukuphila; lokhu kuphila okungukukhanya kwabantu.


Wezela ukuba ngufakazi, ofakaza ngokukhanya ukuze bonke abantu bakholwe ngaye.


Ngize emhlabeni njengokukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


“Mina ngingumvini woqobo, uBaba ungumlimi.


Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: kwakungeyena uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa nguBaba onipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.


Kwakukhona ukuvungazela okukhulu ngaye ezixukwini, abanye bethi: “Ungumuntu olungileyo.” Abanye bethi: “Qha, ukhohlisa isixuku.”


Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.


Nginibhalela futhi umyalo omusha, oyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyedlula nokukhanya kweqiniso sekuvele kuyakhanya.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.