“Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kube ngukuphenduka. Kepha oza emva kwami, unamandla kunami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe. Uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.
Johane 1:26 - IsiZulu 2020 UJohane wabaphendula, wathi: “Mina ngibhabhadisa ngamanzi, kepha kumi phakathi kwenu eningamaziyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi; umi phakathi kwenu eningamaziyo: Baasraak Zulu New Testament Bible UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi, kepha kumi phakathi kwenu eningamaziyo; Contemporary Zulu Bible 2024 UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi, kepha kumi phakathi kwenu eningamaziyo; |
“Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kube ngukuphenduka. Kepha oza emva kwami, unamandla kunami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe. Uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.
uJohane waphendula wathi kubo bonke: “Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kodwa uyeza onamandla kunami engingafanele ngisho ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe, Yena-ke uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.
“Baba olungileyo, izwe alikwazanga, kodwa Mina ngikwazile, nalaba bazile ukuthi ungithumile.
Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi Wena wedwa, Nkulunkulu oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Khristu.
Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?” UJesu waphendula, wathi: “Aningazi Mina kanjalo noBaba; ukuba beningazi Mina, beniyakumazi noBaba.”
Ngokuba uJohane wayebhabhadisa ngamanzi, kodwa nina nizakubhabhadiswa ngoMoya oNgcwele zingakadluli izinsuku eziningi.
Ngase ngilikhumbula izwi iNkosi eyalikhuluma, ithi: ‘UJohane wayebhabhadisa ngamanzi, kodwa nina nizakubabhabhadisa ngoMoya oNgcwele.’
UPawula wayesethi: “UJohane wabhabhadisa ngombhabhadiso wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguYena ozakufika emuva kwakhe; lowo nguJesu.”
Ake nibheke uthando olungaka asinike lona uBaba, ukuba kuthiwe singabantwana bakaNkulunkulu, futhi siyibo. Nokho izwe alisazi, ngokuba naye alimazanga.