Thina sizogawula imithi eLebhanoni njengalokhu uyidinga, siyithumele kuwe eJopha ngolwandle ngezihlenga, wena uyikhuphulele eJerusalema.”
IzEnzo 9:43 - IsiZulu 2020 Wayesehlala izinsuku eziningi eJopha kwaSimoni, umshuki wezikhumba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesehlala izinsuku eziningi eJopha kwaSimoni umshuki. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi wahlala izinsuku eziningi eJopha noSimoni othile, umshuki. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi wahlala izinsuku eziningi eJopha noSimoni othile, umshuki. |
Thina sizogawula imithi eLebhanoni njengalokhu uyidinga, siyithumele kuwe eJopha ngolwandle ngezihlenga, wena uyikhuphulele eJerusalema.”
Abantu bakhokhela ababazi bamatshe, nababazi bokhuni, nabakhi imali; banika amaSidoni nabaseThire ukudla, okuphuzwayo namafutha ukuze balande imisedari eLebhanoni, bayilethe olwandle eJopha, ngokwemvume kaKhoresi, inkosi yasePheresiya.
Kodwa uJona wasuka, wabaleka phambi kukaSimakade, walibhekisa eTharishishi. Wehlela eJopha, wathola umkhumbi owawuya eTharishishi. Eseyikhokhile imali, wagibela kuwo elibhekise eTharishishi, ukuba suke phambi kukaSimakade.
Ngakho, thumela eJopha, ubize uSimoni okuthiwa nguPhethro; ungenise endlini kaSimoni, umshuki wezikhumba, ngasolwandle.’
ungenise emzini kaSimoni othile, umshuki wezikhumba, indlu yakhe ingasolwandle.”
Yasibikela ukuthi yayibone ingelosi imi endlini yayo, ithi: ‘Thumela eJopha, ulande uSimoni okuthiwa nguPhethro,
“Ngathi ngisaqala ukukhuluma, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo njengalokhu kwenzeka nakithina ekuqaleni.
Nokho-ke iLida lalakhelene neJopha, ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPhethro ukhona lapho, bathumela kuye amadoda amabili, bamcela bathi: “Yiza kithi ngokushesha, ungalibali.”