Nokho wawubamba umcibisholo wakhe, zaqiniswa izingalo zakhe ngonaMandla kaJakobe, okuvela kuye uMelusi oyidwala lika-Israyeli,
IzEnzo 9:22 - IsiZulu 2020 Kepha uSawula wadlondlobala ngamandla; bashaqeka abaJuda ababehlala eDamaseku, eqinisa ukuthi lowo unguKhristu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kodwa uSawulu wakhula kakhulu emandleni, wahlula abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lowo unguKristu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa uSawuli waba namandla kakhulu, wasanganisa abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lo unguKristu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uSawuli waba namandla kakhulu, wasanganisa abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lo unguKristu. |
Nokho wawubamba umcibisholo wakhe, zaqiniswa izingalo zakhe ngonaMandla kaJakobe, okuvela kuye uMelusi oyidwala lika-Israyeli,
Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.
ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.
ebachazela futhi ekhombisa ukuthi uKhristu kwakumele ukuba ahlupheke, avuke kwabafileyo, nokuthi: “UJesu lo engimshumayela kini unguKhristu.”
Kwathi sekufike uSila noThimothewu bevela eMakhedoniya, uPawula wagxila kakhulu ezwini, efakaza kubaJuda ngokuthi uJesu unguKhristu.
Sebemmisele usuku, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaphrofethi, kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa.
Kwathi kungakapholi maseko, wayeseshumayela ngoJesu emasinagogeni, ukuthi Yena uyiNdodana kaNkulunkulu.
Bonke ababemlalele bamangala, bathi: “Lo akusiye yini owabhubhisa abakhuleka kuleli gama eJerusalema? Nalapha akezile yini ngenhloso yokuba abaqhube beboshiwe abayise kubaphristi abakhulu na?”
Kepha uBharnabha wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ukuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi wayeshumayele kanjani ngesibindi ngegama likaJesu eDamaseku.
Kodwa izinto zobuwula zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba abajabhise ngazo abahlakaniphileyo. Kanjalo nezinto ezibuthakathaka zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba azijivaze ezinamandla.
Kwathi emva kweminyaka emithathu, ngakhuphukela eJerusalema ukuze ngiyobonana noKhefase futhi ngazane naye. Ngahlala naye izinsuku ezili-15.
Ngiyambonga uKhristu uJesu iNkosi yethu owangipha amandla, wangibona ngethembekile, wangiqokela emsebenzini wakhe,