Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.
IzEnzo 9:13 - IsiZulu 2020 Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema; Baasraak Zulu New Testament Bible UAnaniya wasephendula wathi: Nkosi, ngizwile ngabanengi balumuntu ukuthi kungakanani okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema; Contemporary Zulu Bible 2024 UAnaniya wasephendula wathi: Nkosi, ngizwile ngabanengi balumuntu ukuthi kungakanani okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema; |
Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.
“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.
Ngayizingela le Ndlela kwaze kwaba sekufeni, abesilisa nabesifazane ngibabopha, ngibakhaphela emajele,
Kodwa uSawula walichitha ibandla, engena izindlu ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane; ebafaka ejele.
USawula esabhodla umlilo, esongela ukubulala abafundi beNkosi, waya kumphristi omkhulu,
Bonke ababemlalele bamangala, bathi: “Lo akusiye yini owabhubhisa abakhuleka kuleli gama eJerusalema? Nalapha akezile yini ngenhloso yokuba abaqhube beboshiwe abayise kubaphristi abakhulu na?”
UPhethro wambamba ngesandla, wamsukumisa, wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephile saka.
kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababizwa ngabangcwele: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu.
ukuze ngiphephe engozini kulabo abangakholwayo baseJudiya nokuba inkonzo yami eJerusalema yamukeleke kwabangcwele,
Khonzani nakuFilologu, uJuliheya, uNerewu, nodadewabo, naku-Olimpa, nakwabangcwele bonke abakanye nabo.
ukuba nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize kukho konke angahle akudinge kini, ngokuba ulusizo impela kwabaningi, ngisho nakimi imbala.
ngibhalela ibandla likaNkulunkulu eliseKhorinte, kwabangcwelisiwe kuKhristu uJesu, ababiziweyo ukuba babe ngcwele. Ngibhalela nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ezindaweni zonke abakuzo:
ngokuba uNkulunkulu akasiye owesiphithiphithi, kodwa ungowokuthula, njengokuba kunjalo kuwo wonke amabandla abangcwele.
Maqondana nomnikelo oqoqelwa abangcwele, njengalokhu ngawayala amabandla aseGalathiya, nani-ke yenzani kanjalo.
Lokhu ngikusho ukuze nibe namahloni. Kanti kunjalo: ngabe akukho namunye yini phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma udaba phakathi kwabazalwane bakhe na?
UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKhristu uJesu:
UPawula noThimothewu, izinceku zikaKhristu uJesu, kubo bonke abangcwele kuKhristu uJesu abaseFiliphi, nababheki bebandla kanye nabadiyakhoni.
kubo abangcwele baseKholose, nabazalwane abakholekileyo kuKhristu: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu.
Khonzani kubo bonke abaniholayo, nakubo bonke abangcwele. Abase-Ithaliya bayakhonza kini.
Bathandekayo, ngisha amashushu ngifuna ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngikuthola kubalulekile ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele ukholo olwabekwa kwabakanye kwabangcwele.
Wathi uSamuweli: “Ngingahamba kanjani? USawule uzozwa, bese engibulala.” USimakade wathi: “Thatha isithole emhlanjini, uthi: ‘Ngize ukuzohlabela uSimakade.’