“Ngifunga ngiyagomela, uNkulunkulu ongephuce ubulungiswa bami, noSomandla owenze waba muncu umphefumulo wami;
IzEnzo 8:33 - IsiZulu 2020 Ekudunyazweni kwayo, ukwehlulelwa kwakhe kwasuswa. Ngubani oyakulanda ngesizukulwane sakhe na? Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ekuthobeleni kwakhe ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa. Ngubani ongalanda ngesizukulwane sakhe na? Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ekuthotshisweni kwakhe ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa; njalo ngubani ongalandisa ngesizukulwana sakhe? ngoba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni. Contemporary Zulu Bible 2024 Ekuthotshisweni kwakhe ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa; njalo ngubani ongalandisa ngesizukulwana sakhe? ngoba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni. |
“Ngifunga ngiyagomela, uNkulunkulu ongephuce ubulungiswa bami, noSomandla owenze waba muncu umphefumulo wami;
Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa.
ukuhlanekezela ubulungiswa kwabantulayo, nokuqola abantu bami abampofu amalungelo abo, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, nezintandane zibe yisisulu sabo.
Nokho uSimakade wathanda ukuyishaya ngezifo. Wenza umphefumulo wayo waba ngumnikelo wecala. Iyakusibona isizukulwane sayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaSimakade iyakuphumelela esandleni sayo.
Ngalokho ngiyakuyabela indawo nabakhulu, iyakuhlukanisa impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; nokho yathwala izono zabaningi, yakhulekela aboni.
Yacindezelwa, yahlushwa, kodwa ayiwuvulanga umlomo wayo. Njengewundlu liyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ithule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo.
Yasuswa ekucindezelweni nasekwehlulelweni. Ngubani esizukulwaneni sayo owacabanga ukuthi yanqunywa ezweni labaphilayo, ishayiwe ngesiphambeko sabantu bami na?
Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.
Ngalokho-ke umthetho awusathi shu, nokwehlulela akusenziwa unomphelo, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngenxa yalokho ubulungiswa buphuma buhlanekezelwe.
“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.
Umthenwa wathi kuFiliphu: “Ngiyacela, umphrofethi ukukhuluma ngobani lokhu? Ngabe uzisho yena noma ukhuluma ngomunye na?”