Bengizithulele, ngingasho lutho, ukuthula akungisizanga, inhlupheko yaya ngokuya ikhula.
IzEnzo 8:32 - IsiZulu 2020 Kepha isahlukwana sombhalo eyayisifunda yilesi esithi: “Njengewundlu liyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ithule phambi komgundi wayo, akawuvulanga umlomo wakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi: “Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; njengewundlu elithule phambi komgundi walo kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Indawo yombhalo eyayiwufunda yayisithi: Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; nanjengewundlu elithule phambi komgundi walo, akawuvulanga umlomo wakhe; Contemporary Zulu Bible 2024 Indawo yombhalo eyayiwufunda yayisithi: Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; nanjengewundlu elithule phambi komgundi walo, akawuvulanga umlomo wakhe; |
Bengizithulele, ngingasho lutho, ukuthula akungisizanga, inhlupheko yaya ngokuya ikhula.
Kepha mina nganginjengewundlu eliholwa liyohlatshwa; ngangingazi ukuthi kanti bangicebela amacebo, bethi: “Masisicekele phansi isihlahla nezithelo zaso, simnqume ezweni labaphilayo, ukuze igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”
Kepha Wena Simakade uyangazi, futhi uyangibona, uhlola inhliziyo yami ukuthi injani kuwe. Bahudule njengezimvu ziyokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.
UJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana ngezingubo zakhe, benzelana unkatho.
Ngakusasa uJohane wabona uJesu eza kuye, wayesethi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono somhlaba.
Yona yathi: “Ngingakuqonda kanjani, uma kungekho ongichasisela khona?” Yayisimnxusa uFiliphu ukuba agibele enqoleni ahlale nayo.
Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngenxa yakho, sibulawa usuku lonke; sifana nezimvu zokuhlatshwa.”
Ngokuba nganinika lokho okubalulekileyo kakhulu engakwamukela nami ukuthi uKhristu wafa ngenxa yezono zethu, njengokwemibhalo,
kodwa nahlengwa ngegazi likaKhristu elinqabileyo, kungathi elewundlu elingenacala nasici.