Kwathi ukuba abaniniyo babone ukuthi ithemba labo lokuthola inzuzo seliphelile, babamba uPawula noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi,
IzEnzo 8:3 - IsiZulu 2020 Kodwa uSawula walichitha ibandla, engena izindlu ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane; ebafaka ejele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. |
Kwathi ukuba abaniniyo babone ukuthi ithemba labo lokuthola inzuzo seliphelile, babamba uPawula noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi,
“Mina ngathi: ‘Nkosi, bayazi bona uqobo ukuthi yimina engangibabopha, ngibashaya emasinagogeni labo abakholwa nguwe,
bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa ogama layo kuthiwa nguSawula.
Bonke ababemlalele bamangala, bathi: “Lo akusiye yini owabhubhisa abakhuleka kuleli gama eJerusalema? Nalapha akezile yini ngenhloso yokuba abaqhube beboshiwe abayise kubaphristi abakhulu na?”
Ngokuba mina ngingomncane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, lokhu ngalihlupha ibandla likaNkulunkulu.
Phela nizwile ngenkambo yami yakuqala ebuJudeni, ukuthi ngalihlupha kakhulu kangakanani ibandla likaNkulunkulu, ngilichitha.
Ngangiyisishisekeli esizingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.
nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa.
Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na?