Kepha uSimoni, esebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli abantu bemukela uMoya, waletha imali kubo,
Kepha uSimoni, ebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya, waletha imali kubo,
USimoni esebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya oNgcwele, waletha kubo imali.
UHazayeli wayesehamba wayomhlangabeza, wathatha izipho nazo zonke izinto ezinhle eDamaseku; imithwalo yamakameli angama-40. Wafika wema phambi kuka-Elisha, wathi kuye: “Indodana yakho uBheni Hadadi, inkosi yase-Aramu, ingithume kuwe, yathi: ‘Ngabe ngizosinda yini kulesi sifo na?’ ”
Nina ningihlambalazile kubantu bami, ngoba nifuna inkeshezana yebhali nezingcezwana zesinkwa. Nibulale labo obekungafanele bafe, nalondoloza labo ebebengezukuphila, lapho nikhuluma amanga kubantu bami abawalalelile.”
Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amadimoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.
Ngakho-ke babeka izandla phezu kwabo, base bemukela uMoya oNgcwele.
wathi: “Ngipheni nami leli gunya ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe, amukele uMoya oNgcwele.”
ukuxabana okungapheliyo kwabantu abangqondo yabo yonakalisiwe, futhi abaphucwe iqiniso, abathi ukuzenzela inzuzo kungubuNkulunkulu.