Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.
IzEnzo 8:12 - IsiZulu 2020 Kepha kwathi ukuba bakholwe yivangeli elashunyayelwa nguFiliphu ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu uKhristu, babhabhadiswa abesilisa nabesifazane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha sebekholwa nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha sebekholwa nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane. |
Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.
Kepha wathi kuye: “Yekela abafileyo bambele abafileyo babo, kodwa wena hamba, ushumayele ngombuso kaNkulunkulu.”
Emva kokuhlupheka kwakhe, wazibonakalisa kubo ephilile ngobufakazi obuningi, eziveza kubo ngalezi zinsuku ezingama-40, ekhuluma nabo ngombuso kaNkulunkulu.
Kepha abanye kubo, amadoda ayevela eKhuphro naseKhurene, kwathi ukuba bafike e-Antiyokhiya, bakhuluma nakumaGriki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.
UKhrisphu, umphathi wesinagoge nabo bonke abendlu yakhe, bakholwa yiNkosi; nabanye abaningi baseKhorinte abalalela, bakholwa, babhabhadiswa.
UPhethro wayesethi: “Phendukani, kube yilowo nalowo ababhabhadiswe egameni likaJesu Khristu, kube ngukuthethelelwa kwezono zenu, khona niyakwemukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.
Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000.
Ngifakaza kubaJuda nakumaGriki ukuba baphendukele kuNkulunkulu nokuba bakholwe yiNkosi yethu uJesu.
“Manje ngiyazi ukuthi anisayukububona ubuso bami, nina nonke engahamba phakathi kwenu, ngishumayela umbuso.
eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu uKhristu, ngaphandle kokuphazanyiswa.
Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, avume ngomlomo wakhe kube ngukusindiswa.
Nokho eNkosini, owesifazane akalutho ngaphandle kwendoda, nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane,
Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.
Lawo manzi angumfanekiso wombhabhadiso enisindiswa ngawo manje, okungesikho ukukhuculula insila emzimbeni, kodwa isithembiso kuNkulunkulu esivela kunembeza omsulwa, ngokuvuka kukaJesu Khristu,