Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 8:10 - IsiZulu 2020

Babemnaka bonke, kusukela kwabancane kuya kwabadala, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

banamathela kuye bonke kusukela kwabancinyane kuze kube kwabakhulu, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu,”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

ababemlalela bonke, kusukela komncane kuze kube komkhulu, bethi: Lo ungamandla kaNkulunkulu amakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

ababemlalela bonke, kusukela komncane kuze kube komkhulu, bethi: Lo ungamandla kaNkulunkulu amakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 8:10
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe, noma umfowabo, athi: ‘Yazi uSimakade,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala,” kusho uSimakade, “ngokuba ngiyakubathethelela ububi babo, nesono sabo angisayukusikhumbula.”


Kwase kusondela bonke abakhuzi bempi, uJohanani indodana kaKhareya, uJezaniya indodana kaHosheya nabo bonke abantu abadala nabancane,


“Kusukela ezinganeni kuya kwabadala bakhona, bonke bazuza inzuzo engafanele, nabaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.


Ngakho-ke ngizonika abafazi babo abanye, ngibaphuce amasimu abo; ngokuba kusukela ezinganeni kuya kwabadala, bonke bathola inzunzo engabafanele; nabo bonke abaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.


Abantu baseNineve bakholwa kuNkulunkulu, base bememezela ukuzila ukudla, nokuba kugqokwe indwangu yesaka kusukela kwabakhulu babo kuya kwabancane.


Kwathi lapho izixuku zibone lokho akwenzile uPawula, zaphakamisa izwi lazo zathi ngesiLikhawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu, behlele kithi.”


Babheka belindele ukuthi usazovuvuka noma afumbeke phansi ngokushesha, afe, kodwa sebelinde isikhathi eside, bebona engehlelwa ngozi, base beguqula umqondo, bathi ungunkulunkulu.


Kepha kulabo ababiziweyo, abaJuda namaGriki sishumayela uKhristu, ongamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.


Nina niyazibekezelela ngenjabulo iziwula, nibe nihlakaniphile nina,


ukuze singabe sisaba yizingane, siphonswa le nale ngamagagasi, sipheshulwa yinoma yimuphi umoya wemfundiso ngokukhohlisa kwabantu nangobuqili obunamacebo adukisayo.


Abaningi bayakulandela amanyala abo adluleleyo, ngokuba ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa,


Elinye lamakhanda aso lalingathi lishayelwe ukufa, kodwa nokho inxeba lalo lase lipholile, umhlaba wonke wamangala, wase usilandela isilo.