USolomoni wayesemxosha u-Abhiyathara, akabe esaba ngumphristi kaSimakade, ukuze afeze izwi likaSimakade alisho ngendlu ka-Eli eShilo.
IzEnzo 7:39 - IsiZulu 2020 “Kepha okhokho abavumanga ukumlalela, kodwa bamsunduzela eceleni, babuyela emuva eGibhithe ngezinhliziyo zabo, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha obaba abavumanga ukumlalela, kodwa bamhlohloloza, babuyela emuva eGibithe ngezinhliziyo zabo, Baasraak Zulu New Testament Bible obaba bethu abavumanga ukumlalela, kodwa bamxotsha kibo, babuyela eGibhithe ngezinhliziyo zabo. Contemporary Zulu Bible 2024 obaba bethu abavumanga ukumlalela, kodwa bamxotsha kibo, babuyela eGibhithe ngezinhliziyo zabo. |
USolomoni wayesemxosha u-Abhiyathara, akabe esaba ngumphristi kaSimakade, ukuze afeze izwi likaSimakade alisho ngendlu ka-Eli eShilo.
Abantu bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi ngabe safa ngesandla sikaSimakade eGibhithe, lapho sasihlala ngasemabhodweni, sidle inyama nokunye ukudla sisuthe; kunokuba nisilethe lapha kuleli hlane, nizobulala lonke leli bandla ngendlala.”
Abantu bomela amanzi lapho; bakhononda kuMose, bathi: “Wasikhuphulelani eGibhithe ukuba usibulalise ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu na?”
Siyakhumbula izinhlanzi esasizidla eGibhithe ngesihle, namakhukhamba, amakhabe, amaliki, uhanyanisi neswela.
Abantu bagxibha uNkulunkulu noMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibhithe ukuba sizofela ehlane na? Akukho sinkwa, namanzi lapha, futhi sesidiniwe yilesi sinkwa esiludlana.”
“Kepha lowo owayelimaza owakubo wamhlohloloza, wathi: ‘Ngubani okubeke ukuba ngumbusi nomehluleli phezu kwethu na?
UmkaGileyadi wamzalela naye amadodana. Kuthe lapho amadodana omkakhe ekhula, amxosha, ethi kuye: “Awunakuthola lutho oluyifa endlini kababa, ngokuba uyindodana yomunye umfazi.”