IzEnzo 7:34 - IsiZulu 2020 Ngibonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibhithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza khona manje, ukuze ngikuthumele eGibhithe.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngikubonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza kalokhu, ngizakukuthumela eGibithe.’ Baasraak Zulu New Testament Bible Ngikubonile, ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngizwile ukububula kwabo, futhi ngehlile ukuba ngibakhulule. Manje woza, ngizokuthuma eGibhithe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngikubonile, ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngizwile ukububula kwabo, futhi ngehlile ukuba ngibakhulule. Manje woza, ngizokuthuma eGibhithe. |
Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”
Ngakho-ke ngizokwehlela khona ukuba ngibone ukuthi ngempela benze njengokwesikhalo esesifike kimi yini, uma kungenjalo, ngiyokwazi.”
“Wakubona ukuhlupheka kokhokho bethu eGibhithe nasoLwandle Lomhlanga, wakuzwa ukunxusa kwabo.
UNkulunkulu wathi kuMose: “Nginguye Enginguye.” Wathi: “Uyakubatshela abantu bakwa-Israyeli uthi: ‘UNginguye ungithumile kini.’ ”
Abantu bakholwa lapho bezwa ukuthi uSimakade uqaphelile, wabona futhi ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.
USimakade wakhuphula u-Israyeli eGibhithe ngomphrofethi, wamlondoloza ngomphrofethi.
Nganikhuphula eGibhithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathumela uMose, u-Aroni noMiriyamu ukuba banihole.
Ngiyokwehla ngikhulume nawe lapho. Ngiyothatha okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo. Ayowuthwalisana nawe umthwalo wabantu, awuyukuwuthwala wedwa.
Akekho noyedwa owenyukele ezulwini, ngaphandle kwalowo owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.
Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.
Noma yinini lapho uSimakade ebavusela abehluleli, uSimakade wayeba naye umehluleli, futhi wayebakhulula esandleni sezitha zabo ngazo zonke izinsuku zalowo mehluleli, ngokuba uSimakade wayeba nozwelo lapho sebebubula ngenxa yalabo ababebacindezele, bebahlupha.