USimakade wathi ku-Abhrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nakwabendlu kayihlo, uye ezweni engizokukhombisa lona.
IzEnzo 7:3 - IsiZulu 2020 wathi kuye: ‘Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engizakukhombisa lona.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE wathi kuye: ‘Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engizakukukhombisa lona.’ Baasraak Zulu New Testament Bible Wathi kuye: “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kuye: “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. |
USimakade wathi ku-Abhrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nakwabendlu kayihlo, uye ezweni engizokukhombisa lona.
Wayesethi ku-Abhrama: “NginguSimakade owakukhipha e-Uri lamaKhaledi ukuba ngikunike leli lizwe libe yifa lakho.”
Kwathi lapho uNkulunkulu engikhipha kwabakithi ngathi kumkami: ‘Uyobe ukhombise ukuthembeka uma noma kuphi lapho sifika khona ubatshela ukuthi ngingumfowenu.’ ”
Wayithola inhliziyo yakhe yethembekile kuwe, wenza isivumelwano naye, wethembisa ukwabela abozalo lwakhe izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaJebusi namaGirigashi, wakufeza owawukwethembisile ngokuba ulungile.”
“Othanda uyise nonina kunami, akangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami, akangifanele;
Kanjalo-ke yilowo nalowo kini ongakudeli konke anakho, ngeke abe ngumfundi wami.
“Waphuma ezweni lamaKhaledi, wayokwakha eHarana. Emva kokufa kukayise, uNkulunkulu wamsusa lapho, wamhlalisa kuleli lizwe enakhe kulo nina manje.
Ngakho-ke: “Phumani phakathi kwabo, nehlukane nabo,” kusho iNkosi. “Ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,
Ngokukholwa, u-Abhrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa, ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.
Ngamthatha ukhokho wenu u-Abhrahama ngaphesheya komfula, ngamhola edabula lonke iKhanani, ngenza isizukulwane sakhe saba singi, ngamnika u-Isaka.