U-Abhrama wathi kuLothi: “Masingaxabani, ingabi bikho nengxabano phakathi kwabelusi bethu, ngoba thina siyazalana.
IzEnzo 7:26 - IsiZulu 2020 Ngakusasa wafica abakubo belwa, wazama ukubalamula, ukuze babuyisane, wathi: ‘Madoda, nina ningabandawonye, pho kungani nilimazana na?’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nangangomuso wafika kubo belwa, wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: ‘Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na?’ Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi ngangomuso wabonakala kubo belwa, wafuna babuyisane, wathi: “Madoda, ningabazalwane; niphathana kabi ngani na? Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ngangomuso wabonakala kubo belwa, wafuna babuyisane, wathi: “Madoda, ningabazalwane; niphathana kabi ngani na? |
U-Abhrama wathi kuLothi: “Masingaxabani, ingabi bikho nengxabano phakathi kwabelusi bethu, ngoba thina siyazalana.
Wayesebakhipha abafowabo, bangena indlela. Wathi kubo: “Ningaxabani endleleni.”
Umzalwane owoniweyo ulukhuni wedlula umuzi onamandla, nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.
Wabacindezela abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni masinyane, bamendulele, baye ngaphesheya, ukuze ahlakaze izixuku.
Wayenethemba lokuthi abafowabo bayakuqonda ukuthi uNkulunkulu ubalethela inkululeko ngesandla sakhe, kodwa abakuqondanga lokho.
Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKhristu, uma kukhona ukududuzeka ngothando, uma kukhona inhlanganyelo kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu,
Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani.