Langa limbe uMose esekhulile, waya kubantu bakubo, wabubona ubunzima ababebuthwele; wabona umGibhithe eshaya umHebheru ongomunye wabantu bakubo.
IzEnzo 7:24 - IsiZulu 2020 Kuthe ebona umuntu ephathwa kabi, wamvikela, wamphindiselela ocindezelweyo, wambulala owaseGibhithe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabona umuntu ephathwa kabi, wamvikela, wamphindisela ohlushwayo, wambulala owaseGibithe. Baasraak Zulu New Testament Bible Ebona omunye ephathwa kabi, wamvikela, wamphindisela ocindezelweyo, wamshaya owaseGibithe; Contemporary Zulu Bible 2024 Ebona omunye ephathwa kabi, wamvikela, wamphindisela ocindezelweyo, wamshaya owaseGibithe; |
Langa limbe uMose esekhulile, waya kubantu bakubo, wabubona ubunzima ababebuthwele; wabona umGibhithe eshaya umHebheru ongomunye wabantu bakubo.
Waqalaza ngapha nangapha, wangabona muntu, wayesembulala umGibhithe, wamfihla esihlabathini.
“Kuthe eseneminyaka engama-40 yobudala, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba akayobona abantu bakubo, abantwana bakwa-Israyeli.
Wayenethemba lokuthi abafowabo bayakuqonda ukuthi uNkulunkulu ubalethela inkululeko ngesandla sakhe, kodwa abakuqondanga lokho.